Owayengumdlali weKaizer Chiefs, uDaniel Cardoso uthi Amakhosi ngeke anqobe lutho ngabadlali abavela kwinkulisa kuphela.
UCardoso, osedlalela iSekhukhune United ubeke kanje ngesikhathi ekhuluma nabezindaba kwi-training yeSekhukhune ngoLwesibili lapho aveze khona ukuthi iChiefs isishoda ngamava kuphela ukuze ibuyele ekunqobeni izicoco.
“Angifuni ukubuyela emuva kodwa abadlali abasakhula ngeke bakunqobe izindebe nezicoco.
“Basakha, kuyabonakala lokho njengoba kukhona oSamkelo Zwane, Mduduzi Shabalala noHappy Mashiane. Badedele inqwaba yabadlali abanamava kodwa…” kusho uCardoso.
IChiefs idedele inqwaba yabadlali ngaphambi kokuqala kwesizini ka-2022/2023 kodwa bakhona abanye abadala abasalile njengo-Itumeleng Khune, Eric Mathoho, Keagen Dolly noKarma Billiat. UCardoso kodwa uthi laba badlali abasetshenziswa ngendlela efanele.
“Uma ubuka iSundowns, iphethe abadlali abanamava, yikho behlale benqoba izicoco. UZwane unesisekelo esihle kodwa ukuze anqobe izicoco kusamele aqinise ngabadlali abanamava. Banabadlali abakhulile abakhuhla ibhentshi abanye basemakhaya, abanikezwa ithuba lokuziveza.”
ISekhukhune izobhekana neChiefs kule mpelasonto emdlalweni weDStv Premiership.