Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uMiguel Cardoso uphoxwe ukubona amagoli amabili kuphela ngesikhathi ezakhe zikhipha iMpheni Home Defenders kwiNedbank Cup.

ISundowns inqobe ngo 2-0 kulo mdlalo, igoli lokuqala livalelwe wuTashreeq Matthews ophume ngekhadi elibomvu, elesibili lakorwa wuBathusi Aubass oqokwe njengomdlali ovelele ngemuva komdlalo.

“Ngemuva kwegoli lesibili bengilindele ukuthi siqede umdlalo kangcono,” kusho uCardoso ekhuluma neSuperSport TV ngemuva komdlalo.

“Ngisho njalo kubadlali ngesikhathi siye ekhefini, ukuthi kumele sivalele amanye amagoli esiwayeke esiwombeni sokuqala.

“Iphutha elenziwe wuTashreeq lisiphoqile ukuthi sidlale ngokucophelela. Angijabule ngoba bekumele sivalele amanye amagoli kodwa umsebenzi siwenzile ekugcineni, akukho okunye engingakusho.”

ISundowns ijoyine iSuperSport United, Stellenbosch FC, Durban City, Marumo Gallants, Orlando Pirates, neKaizer Chiefs kuma-quarterfinal eNedbank Cup. Okwamanje akwaziwa kuzokwenzekani ngomdlalo othinta iRoyal AM neMilford FC, obambezela iSekhukhune United esalinde ukudlala owelast 16 nozowina.

Amaqembu azodlala kuma-quarterfinals azoqhathwa namhlanje ngo-6 eSuperSport Studios.

ISundowns izothola isikhashana sokuphumula njengoba izobhekana neMarumo Gallants koweBetway Premiership ngoLwesithathu.