Obewumqeqeshi weMamelodi Sundowns uManqoba Mngqithi uthi akakugqizi qakala ukuthi abantu bathini ngaye ezinkundleni zokuxhumana, waveza nokuthi ulindele ukuthola omunye umsebenzi wokuqeqesha futhi akekho ozokuvimba lokho.

UMngqithi uveze lokhu engxoxweni kwi-Up Back Through Podcast yeGolden Arrows.

Lo mqeqeshi udedelwe yiSundowns ngasekuqaleni kwesizini kulandela ukuphikwa yimiphumela kwiCAF Champions League. Ezinkundleni zokuxhumana ubebuye agxekwe ngezinkulumo zakhe kuma-press briefing nangemuva kwemidlalo, kodwa uthi akanendaba nokugxekwa kwakhe.

“Anginendaba nokushiwo ngabantgu ngami ngoba ngiyawazi umsebenzi wami,” kusho uMngqithi.

“Ngiyazi ngizowuthola umsebenzi, angikungabazi. Akekho ongakuvimba lokho.

“Ngizothola omunye umsebenzi futhi ngizokwenza kahle kuwo. Senginqobe inqwaba yezinto.

“Ngesikhathi ngiqala ukuqeqesha kwakuyinhloso yami ukunqoba izinto ngoba uzobizwa kanjani ngoManqoba unganqobi.

Okwamanje akucaci ukuthi uMngqithi uxoxisana namaphini amaqembu ngokuwapheka kodwa i-agent yakhe uMike Makaab ike yaveza ukuthi akhona amaqembu asebexoxisana nawo.