Umqeqeshi omusha weManchester United usevume ukushisa kwensimbi kuleli qembu njengoba ephinde wabhekana nesibhaxu ngeSonto emdlalweni wabo neTottenham.

ISpurs inqobe ngegoli likaJames Maddison elingene esiwombeni sokuqala.

Umphumela wayizolo ushiye i-United i-United kunombolo 15 kwilog yePremier League. Ayibukeki isengcupheni yokudliwa yizembe kodwa indlela edlala ngayo kulezi nsuku ayikhombisi ukuthi ingaqeda kwitop 10, okuzoba yihlazo.

Ngaphambi komdlalo wayizolo kuvele izindaba ezishaqe abaningi ngokulimala kwabadlali abane, okubalwa kubo uKobbie Mainoo, Amad Diallo, Manuel Ugarte noToby Collyer. Abanye ababili kuthiwa bacele bagula bangakwazi ukuba yingxenye yesikwati sayizizolo. Lokhu kuphakamise imibuzo ngokuthi bekwenziwani kwi-training kuleli sonto njengoba kulimale abadlali abangaka ngaphambi komdlalo omqoka.

Lokhu kuphoqe u-Amorim ukuthi afake abadlali abayisithupha ebhentshini abangakaze badlale kwiPremier League phambilini.

Ekhuluma ngemuva komdlalo, lo mqeqeshi ukhale ngokubhekana nomsebenzi onzima kodwa ngeke ashintshe lutho kumaqhinga akholelwa kuwo.

“Izinto enizibonayo nenikhuluma ngazo nsuku zonke, Nami ngiyazibona,” kusho u-Amorim ngemuva komdlalo.

“Ngibhekene nezinkinga eziningi, lo msebenzi unzima ngendlela emangalisayo, kodwa ngizoqhubeka namaqhinga engikholelwa kuwo.

“Ekugcineni sidliswe ukungakori. Kube wumehluko omkhulu namhlanje. Sakhe inqwaba yamathuba kodwa ekupheleni kosuku bavalele igoli, thina asikwazanga.

“Into yokuqala esisayilungisa ukwakha amathuba okokura. Sikwenzele namhlanje lokho, kodwa njengoba omabili amaqembu engenzi kahle, igoli elilodwa lenza omkhulu umehluko.”

Ukuphikwa yimphumela sekuphakamise imibuzo ngo-Amorim ofike iqembu likunombolo 13 njengoba selikunombolo 15.