Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uMiguel Cardoso usethathe izikhalazo zakhe waziyisa kwizintatheli zeCAF Champions League ezwakalisa ukungenami ngokuncishwa kwezakhe isikhathi esanele sokulungiselela imidlalo yalo mqhudelwano.
UCardoso akaqali ukukhalaza ngabaphathi bePSL ngemidlalo ababhekene nayo ekubeni bedlala esigabeni somkhumulajezi kwiCAFCL.
Ekhuluma nezintatheli izolo uqhathanise iSundowns namanye amaqembu asadlala kulo mqhudelwano, wathi esekwa kangcono kunabo.
“Kade sidlala nje ezinsukwini ezimbili ezedlule. Phakathi kwemilenze imibili esizoyidlala kulesi sigaba, sizobhekana neMarumo Gallants [kumdlalo weligi],” kusho yena.
“Angazi noma niyazi yini, kodwa kuwona wonke amaqembu asele kwiPS;L yithina kuphela esinomdlalo phakathi nemilenze emibilo yeChampions League.
“IStade Malien ibinezinsuku eziwu-9 ukulungiselela umdlalo futhi ngenke idlala mdlalo phakathi kwemlenze emibili, ne-Esperance ithole izinsuku eziyisikhombisa ukulungiselela umdlalo ne-Al Ahly, ngeke idlala mdlala phakathi nemlenze….
UCardoso uqhubekile enza izibonelo ewabala onke amaqembu asele eveza ukuthi athole isikhathi esingakanani ukulungiselela imidlalo.
“Kuyihlazo elimangalisayo okwenzeka eNingizimu Afrika; indlela okuphathwa ngayo iSundowns. Yinto engajwayelekile!”