Umengameli wase-United States of America uDonald Trump useshintshe ushuni ngokudlala kwe-Iran kwi-2026 FIFA World Cup ngemuva kokuthi akanankinga nayo.

UTrump izolo uthe i-Iran kufanele isibuyekeze isinqumo sokufuna ukudlala kwiNdebe yoMhlaba ukuze kuvikelekele abadlali bayo. Kuzokhumbuleka ukuthi i-USA ne-Israel baqale impi ne-Iran ngokubulala abaholi bayo nangokuhlasela ezweni layo icekela phansi ingqalisizinda emqoka, ikakhulukazi ezindaweni ze-military ngokunjalo nezindawo ezakhela izwe izikhali zokuzivikela.

I-Iran ingelinye lamazwe azibekisele indawo kwiNdebe yomhlaba ezodlalelwa e-USA, Mexico naseCanada. Ngeshwa, lelizwe lizozinza e-USA esigabeni samaqoqo okulibeka endaweni ebucayi njengoba kunempi phakathi kwalawa mazwe.

Umengameli weFIFA ufuna i-Iran idlale kulo mqhudelwano njengendlela yokuzama ukwenza isimo sibe ngcono, kodwa uTrump akahambiselani nalowo mbono ngokwenkulumo yakhe yayizolo.

“Iqembu lesizwe lebhola e-Iran lamukelekile kwiWorld Cup, kodwa angibini kuyinto efanelekile ukuthi libe khona, kufanele bacabangele izimpilo zabo nokuphepha,” kusho uTrump kuTruth Social.

Ne-Iran ibukeka ingakathathi isinqumo ngokuphelele ngesimo ekuso njengoba abanye abaholi bethi ngeke idlale emqhudelwaneni owodwa ne-USA, abanye bathi kufanele beye.