Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uthi uzogqugquzela abadlali ukuthi badlale kangcono emlenzeni wesibili wequarterfinal yeCAF Champions League ne-ES Tunis ngemuva komlenze wokuqala obuzelisa, kodwa uthi ngeke balizele ngobuso leli qembu.

ISundowns igcine iwunqobe ngo 1-0 ngegoli likaPeter Shalulile umdlalo wayizolo kodwa okuqaphelekile ngayo wukuthi idlale kangcono esiwombeni sesibili.

Ekhuluma ngemuva komdlalo uCardoso uthe ufuna ukukugwema lokhu emlenzeni wesibili uma sebedlala eTunisia, kodwa uyazi futhi ukuthi kufanele bengayibhayizeli i-ES Tunis uma idlalela ekhaya.

“Kudingeke ukuthi ngibaphushe ukuze badlale ingcwenga yebhola emlenzeni wesibili. Ngikholwa wukuthi iCAF Champions League ngeyamadoda, akuyona eyezingane. Akuyona eyabadlali ababhayizayo,” kusho uCardoso ngemuva komdlalo.

“Umsebenzi wami ukuhlela iqembu ukuthi likwazi ukumelana nalezi zimo. Kodwa ngikholwe uma ngithi sizoya eTunisia sibheke ukunqoba. Kodwa ukudlalela ukunqoba akusho ukuthi bazele ngobuso ngendlela ohlasela ngayo.

“Kumele senze izinto ngibuhlakani…”