Umqeqeshi weMouloudia Club d’Alger uKhaled Ben Yahia uthi wayetshelwe ukuthi abalindele iqembu elivela ‘komunye umhlaba’ ngaphambi komdlalo wabo ne-Orlando Pirates kodwa ngokubona kwakhe baziyekele ukuyishaya.

IPirates ishaye iMC Alger ngo 1-0 e-Algeria okuyibeke endaweni enhle njengoba umlenze wesibili uzodlalelwa e-Orlando Stadium ngesonto elizayo.

UBen Yahia uthi kumphoxile ukushaywa ngoba bakhe amathuba amahle okunqoba umdlalo.

“Sishaywe kumdlalo ebesiwuhlelele kahle, kuwona wonke amazinga. Ngiphoxekile kakhulu,” kusho yena ngemuva komdlalo.

“Abadlali bami badlale ngendlela emangalisayo, bayifake ngaphansi kwenkulu ingcindezi iPirates. Abadlali bayo bebehluleka ngisho ukuhlanganisa ama-pass amathathu, abadlali bethu bebefaka ingcindezi.

“Ngiye kulo mdlali nginokusaba ngoba bengitshelwe ukuthi i-Orlando Pirates ivela komunye umhlaba. Kodwa uthe uqhubeka umdlalo, yithina ebesiwulawula. Kusilimazile ukudliwa, ikakhulukazi ekhaya.

“Ngiyethemba sizokwenza kangcono ngokuzayo.”