Sphamandla Gumede
Usewuqalile umdlalo wamagama umqeqeshi weMamelodi Sundowns uRhulani Mokoena kwazise uzobhekana neqembu lakhe lakudala i-Orlando Pirates kwiNedbank Cup namhlanje eLoftus Stadium. UMokoena uthi kulula ukugaqela isikimu esizosetshenziswa yiPirates, akudingeki ukuthi azixake kakhulu ngokulandela.
“Ngingakutshela isikimu sePirates. Siyabazi abadlali abazofakwa yiPirates ngoLwesine. Uma sibalula umdlalo weCAF lapho bashaya khona I-Ahly Benghazi, kwadlala uTshegofatso Mabasa noKabelo Dlamini.
Yilokho kuphela okungangixaka. Ophondweni lwesokudla emuva, kuzodlala uNtsikelelo Nyauza noma uSiphesihle Ndlovu. Uma kudlala uNyauza, kusuke kunezitobha ezintathu emuva. UNdlovu yena ugijima kakhulu ophondweni, emuva kudlala izitobha ezimbili.
Kungadlala uHappy Jele, Thulani Hlatshwayo noPaseka Mako. Uma uNyauza engekho emuva, uzoyibamba esayidini. Esiswini kuzodlala uThabang Monare noBen Motshwari. UFortune Makaringe uyena ozodlala kunombolo 10, ukhona noVincent Pule,” kuchaza uMokoena ekhuluma nezintatheli ngoLwesibili.
Lomdlalo ulindelwe njengoba womabili lamaqembu esefomini kulezi zinsuku. ISundowns iqede kuGroup B weCAF Champions League isesicongweni, yanqoba imidlalo emihlanu, yahlulwa kowodwa. IPirates yona ayiyazi induku kwiCAF Confederations Cup kwazise iyibambe esicongweni ngamaphuzu angu-8 emidlalweni emine.
“Izindawo ezisele kungadlala uMhango, Deon Hotto, Kabelo Dlamini noma uLinda Mntambo. Siyasazi isikimu okungenzeka basisebenzise, siyawazi amanye amaqhinga abo.
Bayiqembu elinabadlali abasezingeni, bathanda ukugcina ibhola, bahlasele,” kuchaza uMokoena. Iqembu elizonqoba lizokwamukela iTTM emdlalweni owandulela owamanqamu eNedbank Cup ngeSonto emini.