Umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos useveze umbono wakhe ngokuhle akubona kumqeqeshi omusha weKaizer Chiefs uNasreddine Nabi ohlalelwe wusebenzi wokufika izinto kuleli qembu eliqede kunombolo 10 ngesizini edlule.

IChiefs ithwele kanzima kwiligi yakuleli njengoba ihluleka ukuongena embangweni wesicoco seligi kumasizini edlule. Igcine ukuba nesizini enhle ngesikhathi iphucwa iqatha emlonyeni’ ngesizini ka-2019/2020.

UBroos uvumelana nabanye asebekhulume izwi lokuthi kuzolisiza ibhola lakuleli ukuqina kweChiefs.

“Ngesikhathi ngibuya eBelgium Kukhona oweKaizer Chiefs oweza kimina wathi umqeqeshi wabo ufuna ukukhuluma nami. Ngangizihlalele ngiphuza icoffee,” kuchaza uBroos kwiSABC Sport.

“Sakhuluma naye, uwumqeqeshi omuhle. Uma ubuka okwenzeka kwiChiefs manje ngicabanga ukuthi izinto sezishintshule. Ucabangisa okomqeqeshi odabuka e-Europe. Ufuna ukunikezwa into ayifunayo.

“Mhlawumbe kuzoba lula kancane kuyena ukuzuza akufunayo ngoba akukho lula ukushaya itafula ukhombe okufunayo kwiChiefs uma udabuka eNingizimu Afrika. Uyabona kodwa ukuthi kuyena kunjalo.”

UBroos uthe unesifiso sokubona iChiefs ibalwa kumaqembu alwela isicoco kule sizini.

“Akulungile ukuthi iqembu elifana neChiefs ligudle konombolo 7 noma 8 kwiligi – akulisizi ibhola laseNingizimu Afrika. Ngakho ngiyethemba kule sizini izolwa neSundowns, Pirates mhlawumbe neSuperSport neStellenbosch FC. Mhlawumbe sizoba namaqembu amahlanu noma ayisithupha elwela isicoco seligi.

“Lokhu kuzolikhulisa ibhola laseNingizimu Afrika kunokubona iqembu elilodwa libusa eminyakeni emihlanu edlule.