Umqeqeshi weKaizer Chiefs uNasreddine Nabi usephumele obala ngokushweba abadlali ababili obekubikwa ukuthi ufisa bamjoyine kuMakhosi.
Sekunamasonto kubikwa ukuthi lo mqeqeshi ufisa ukusayinisa umgadli wePyramids FC uFiston Mayele, ofike wagqilaza inethi eGibhithe kule sizini.
Ekhuluma ngalo mdlali ne-OnTime Sports uNabi uqinisekise izindaba abalandeli abaningi beChiefs abebengafisi ukuzizwa zokuthi ngeke bemnuke uMayele.
Omunye umdlali asheshe acacia ngaye wuPercy Tau, okuthiwa uchizele abaphathi be-Al Ahly bemtshela ngamaqembu aseNingizimu Afrika.
“Azikho izingxoxo noPercy Tau ngoba ngikholwa wukuthi usasalelwe wunyaka owodwa kwinkontileka yakhe,” kusho uNabi.
“Sibhekene nesimo esifanayo nakuFiston Mayele…unenkontileka nePyramids, akekho endalini. Siyakuhlonipha lokho futhi azikho izingxoxo phakathi kwethu.”
UNabi noma eziphika izingxoxo phakathi kweChiefs noMayele, i-agent yalo mdlali yaphumela obala yaveza ukuthi umdlalo uzimisele ngokulandela uNabi ayesebenza naye kwiYanga, kodwa inkinga yimali efunwa yiPyramids iChiefs engakwazi ukuyikhokha. Ngaphezu kwalokho, ukuvutha kwalo mdlali phambi kwepali sekuyophela isizini kwenze abaphathi beqembu beshintshe umqondo ngokumdayisa.