Umqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos, ubashayele ihlombe abadlali bakhe ngendlela abadlale ngayo beshaywa yiMali kumdlalo wokuqala kwi-Africa Cup of Nations ngoLwesibili ebusuku.

IBafana imoshe inqwaba yamathuba okubalwa kuwo ne-penalty esiwombeni sokuqala, okuphethe ngenduku ka 2-0. IBafana ibihluleka ukumelana nabadlali beMali abakhombise ukukhuphula umfutho esiwombeni sesibili, kodwa uBroos ujabule ngakubonile.

“Kumele ngibancome abadlali ngendlela abadlale ngayo namhlanje. Ngicabanga ukuthi zimbili izinto ezidale ukuthi sidliwe kulo mdlalo; okokuqala ukugeja ipenaltym okwesibili amandla, ikakhulukazi esiwombeni sesibili iMali ikhombise ukuba namandla kunathi.

“Sidliswe yilezi zizathu kodwa sidlale kahle, ukube sikore ipenalgty umdlalo ubungeke uphele kanje.”

UPercy Tau ugxekwe nxa zonke ezinkundleni zokuxhumana ngokugeja ipenalty ayiphuce uTebogo Mokoena, kodwa uBroos uthe iphutha alikho kuyena.

“Bathathu abadlali ebesinabo enkundleni akade bengathatha iphenathi, lapho ngibala u-Aubrey Modiba, uTebogo Mokoena noPercy. Kuba isinqumo sabo enkundleni ukuthi ubani oyithathayo, akukhona okwami ukukhetha umuntu. UTau uzithembile, kwaba ukuthi uyayishweba ngalokho ngeke simugxeke. Naye ubenethemba lokuthi uzoyivalela phakathi bese kushintsha umdlalo” kusho uBroos.