UPercy Tau uthi lisekhona ithuba lokudlulela esigabeni somkhumulajezi kwi-AFCON yize bethole isibhaxu emdlalweni wokuqala bebhekene neMali. 

UTau ugeje iphenathi esiwombeni sokuqala ebesiphethwe yiBafana.  Bekufanele kuyiwe ekhefini zihamba phambili noma ngo 3-0 ezikaBroos ukube zikwazile ukuqedela amathuba eziwatholile. 

Ukugeja kweBafana kuyiqhathe nolaka lweMali ebuye ngamandla esiwombeni sesibili, yashaya amagoli amabili ayinqobise umdlalo. 

“Okwamanje kusebuhlungu ukucabanga ngephenathi engiyigejile. Ngizozama ukuziqoqa ngoba kusele imidlalo emibili yamaqoqo. Ngisanethemba lokuthi sizokwazi ukudlulela esigabeni esilandelayo. 

Kufanele siyolungisa ezindaweni ezincane, siqinise emdlalweni weNamibia. Silindele umdlalo onzima nakuyo iNamibia. Kubuhlungu ukucabanga ngendlela esihlulwe ngayo,” kuchaza uTau ekhuluma nabezindaba. 

IBafana izifake ngaphansi kwengcindezi kuGroup E njengoba isihleli emsileni. EzikaBroos zisengcupheni yokukhishwa kulomqhudelwano uma zithola isibhaxu emdlalweni weNamibia ngeSonto. 

“Bekufanele sishaye igoli noma elilodwa. Ukugeja iphenathi kubabuyisele ukuzethemba emdlalweni. Umdlalo ubuzoshintsha kakhulu ukube sikwazile ukuthola igoli. Kusele amaphuzu ayisithupha okufanele siwajulukele. Sizozama okusemandleni ngoba sifuna ukudlulela esigabeni somkhumulajezi,” kuchaza uTau.