Ukapteni weMali uHamari Traore uthi abayithathi kancane iBafana Bafana abazobhekana nayo namhlanje emdlalweni we-Africa Cup of Nations.

IMali neNingizimu Afrika bazobhekana emdlalweni ozoqala ngo-10 ebusuku namhlanje. Ngesikhathi begcina ukubhekana kumdlalo we-AFCON iMali yanqoba kuma-penalty (2013).

IBafana ingene kulo mqhudelwano ngaphansi kobuholi bukaHugo Broos, odlalisa ibhola elihle futhi okhuphule izinga lokudlala kweqembu lesizwe.

“INingizimu Afrika inebhola elihle. Siya kulo mdlalo sinokuzithoba. Asibathathi kancane. Sebeke bayiwina i-AFCON phambili, sikulungele ukuya empini,” kusho uTraore.

Nomqeqeshi weMali u-Eric Chelle uthe usekulinde ngabomvu ukubhekana neBafana.

“Kusezandleni zethu ukuthi sidlulele phambili. Ngijabule ngokubhekana neNingizimu Afrika. Inomqeqeshi omuhle namasakela awaziyo umsebenzi, kodwa nathi sinenduku yethu esiyifihle emqubeni esizozama ukuyisebenzisa.”