Umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos useluleke iMamelodi Sundowns ukuthi ilufakele izibuko udaba lokulimala kwabadlali ezindaweni ezizodwa, okuyinto athi uyayiqala.
UHugo uveze lokhu kulandela ukufika kwabadlali beDowns bonke ‘bethintekile’ okuyinto athe ayijwayelekile ibholeni.
Isitobha seDowns uGrant Kekana sibuyele ekhaya izolo, isikhala saso savalwa wumdlali weKaizer Chiefs uGiven Msimango.
“Inkinga yesibili engatheni wuKhuliso Mudau. Wonke umuntu uyazi kwenzekani kowamanqamu ngoMgqibelo. Ngemuva kokubhekwa odokotela bethu izolo, umdlali ungiqinisekisile ukuthi akukubi kakhulu, uzokwazi ukudlala.
“Okwesithathu, sinenkinga noTebogo, Aubrey Modiba, Bathusi Aubaas, noRonwen Williams. Yizinkinga ezincane ezingeke ziphazamise izinhlelo zomdlalo ongoLwesihlanu.”
UBroos, onganqeni ukuphumela obala ngemizwa yakhe, uphakamise imibuzo ngendlela okwenziwa ngayo kwiSundowns njengoba kunenqwaba yabadlali abalimele kuyo.
“Kuyamangaza ukuthi abadlali abayisithupha abalimele bavela eqenjini elilodwa. Baningi abadlali abalimalile kwiSundowns kule sizini, siyazi babhekene nenqwaba yemidlalo, kodwa kuyamangaza ukuthi u-75% wokulimala kwabadlali bakho kuba yi-groin ne-hamstring.
“Ngicabanga ukuthi akukhona ukugqilazeka kwabadlali ngenxa yemidlalo nje kuphela…ngiyethemba ithimba lodokotela beSundowns lizokwazi ukuthola isisombululo ngoba nangesizini ezayo abadlali bazobhekana nenqwaba yemidlalo.
“Bazodlala kwiDStv, MTN8, Champions League nakwiFIFA Club World Cup uma sekuphele isizini.
IBafana izobhekana neNigeria ngoLwesihlanu ngo-9 ebusuku.