Abahleli bama-Olympics, azobanjelwa eParis eFrance nonyaka, sebememezele ukuthi babeke ama-condom awu-300,000 azosetshenziswa abasubathi njengoba sekudumile ukuthi kusuke kusha ucansi phakathi kwabo kulo mqhudelwano.

Kuzokhumbuleka ukuthi ngo-2020 eTokyo abahleli bama-Olympic kwaphoqeleka ukuthi babeke imithetho emisha ngenxa yeCovid-19, ukunqanda ucansi phakathi kwabasubathi futhi banikezwa nemibhede ebhedayo ukuze bengalulangazeleli ucansi.

EFrance nokho bazohlinzekwa ngamacondom.

“Sihlela ukuba nama-condom awu-300,000 azosetshenziswa abantu abawu-14,250. Kulabo bantu kukhona abasubathi, abaqeqeshi kanye nezikhulu. Sifuna ukuqinisekisa ukuthi abantu bazokuthola abakudingayo,” kusho uLaurent Michaed, owumqondisi we-Olympic and Paralympic Village.

“Besifuna ukwakha indawo abasubathi abazozizwa bekhululekile kuyo.”

“Kuzoba nendawo yobumnandi ezoba nesports bar, utshwala abuvumelekile kodwa bazophuza iCoca-Cola. Kuzobamnandi.”