Umdlali omusha weReal Madrid uKylian Mbappe sekuvele ukuthi uzokhokhelwa imali ebalelwa kuR171 billion ngokujoyina iLos Blancos.

Sekuneminyaka iMadrid ishela lo mdlali owazakhela igama kwi-AS Monaco ngaphambi kokujoyina iPSG. IMadrid ibilinde kudlule owamanqamu we-UEFA Champions League ngaphambi kokuthi imemezele uMbappe (26), owanqoba iFIFA World Cup neFrance ngo-2018.

Isiqalile ukuvela imininigwane yenkontileka yakhe. Ngaphezu kuka-R171 billion, ozoya kuyena ngoba ulinde yaze yaphela inkontileka yakhe kwiPSG, uzogcina u-80% wama-image rights. Okusho ukuthi uma kunesikhangiso esinobuso bakhe esithinta iMadrid, uzothola imali ukudlula bonke abanye abadlali ngoba bona bathola u50%.

Okuzokwenza uMbappe athole imali ethe xaxa wukuthi umholo wakhe ngesonto usuwehlile uma kuqhathaniswa nemali abeyihola kwiPSG, nabezoyihola ukube uqoke ukwelula inkontileka.

Lo mdlali, okhule elandela iMadrid, kulindeleke ukuthi athathe unombolo 9 ngesizini yakhe yokuqala eBernebeu, kodwa ngesizini ezayo uzonikezwa ishumi, uma sekuhambe uLuka Modric.