Umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos ubone kuwukugeja amathuba okuqhathe ezakhe nenduku kwi-semifinal ye-African Cup of Nations (AFCON) bebhekene neNigeria ngoLwesithathu ebusuku.
UPercy Tau no-Evidence Makgopa bashaye izicethe zamashodi ngesikhathi bethola amathuba esiwombeni sokuqala.
Lomdlalo uphele zibambene ngo 1-1, kwaphoqa i-extra-time nayo ephele lingekho iqembu elifuna ukugoba uphondo.
EzikaBroos zigcine ziguqiswe ngo 4-2 sekukhahlelwa amaphenathi. Unozinti obethenjiwe uRonwen Williams uphambane nawo wonke amaphenathi eNigeria,
“Ibhola linzima kwezinye izikhathi. Ngichazekile ngebhola elidlalwe yiqembu yize sihlulwe emaphenathini. Kunzima ukwamukela ukuthi asifinyelelanga kowamanqamu ngoba sidlale ibhola eligculisayo.
Sithole amathuba amahle esiwombeni sokuqala, besiyihlula iNigeria ngebhola. INigeria ayitholanga ngisho elilodwa ithuba. Baqale ukuphaphama esiwombeni sesibili ngethuba abalitholile, bashaya negoli.
Sishintshe indlela yokudlala, salithola igoli lokulinganisa. Besinethuba lokunqoba ngoba sithole amathuba amathuba sekuzophela umdlalo. Besizodlulela kowamanqamu ukube siwasebenzisile amathuba esiwatholile,” kuchaza uBroos ekhuluma esithangamini nabezindaba.
UBroos uthe uyaziqhenya ngebhola elidlalwe yiBafana kulomdlalo. IBafana ibiliphethe izikhathi eziningi ibhola, yakhanda namathuba amaningi ukudlula iNigeria.
“Kuyenzeka ebholeni uphikwe imiphumela. Siphoxekile kakhulu ngoba sidlale ibhola elihle namuhla. Besidlala ibhola elisezingeni kwi-AFCON.
Ngiyaziqhenya ngebhola esilikhombisile, ngiyaziqhenya ngabadlali. Ngiphoxeke ngomphumela kuphela kodwa ngilithandile ibhola esilidlalile.
Kufanele uziqhenye njengomqeqeshi uma ubone iqembu lakho lidlale kahle. Ngiyavuma ukuthi sihluliwe kodwa sashaya udaka emdlalweni weCape Verde, sanqoba emaphenathini ekugcineni. Sidlale ibhola elihle namuhla sibhekene neNigeria kodwa sihlulwe emaphenathini.
Izinto ezinjalo ziyenzeka ebholeni. Kufanele sicabange ngebhola esilidlale kwi-AFCON. INingizimu Afrika izokwazi njengeqembu elinebhola elihle, yilokho okubalulekile,” kuchaza uBroos.