Umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos uthi akubathusi nakancane ukubhekana neNigeria kuma-semifinals e-AFCON.
IBafana neNigeria bazoqhuthana esitikini eBouake namuhla ngehora lesikhombisa (19:00).
UBroos uthi imiphumela yemidlalo edlule ibanyusela ukuze ukuzethemba ngaphambi komdlalo namaSuper Eagles.
“Sijabule futhi sigqugquzelekile ngaphambi komdlalo wesemi-final. Abantu abaningi bebengalindele ukuthi sizofika kulesigaba. Silikhuphulile izinga leqembu, sekuphele iminyaka engaphezulu kuka-20 iNingizimu Afrika yagcina ukudlala kuma-semifinals.
Sinethuba lokudlulela emdlalweni wamanqamu. Sinezizathu eziningi ezigqugquzela iqembu,” kuchaza uBroos esithangamini nabezindaba ngoLwesibili.
UBroos uthi uyalithemba iqembu lakhe yize kukhona abalibukela phansi ngoba bebona iNigeria inerekhodi elihle emidlalweni yaphambilini uma kutholene lamaqembu.
“Sizodlala neqembu elisezingeni, elikleliswe endaweni yesithupha e-Africa. Abadlali bayazi ngokumele bakuulindele.
Abantu abaningi babona ukuthi kuzonqoba iNigeria. Izinto azenzeki kanjalo ebholeni. Sinokuzethemba futhi sizozama ukuwunqoba lomdlalo. Sifuna ukufaka iqembu kowamanqamu, sekuphele iminyaka iminyaka engu-20 kungenzeki lokho,” kuchaza uBroos.