Umqeqeshi weBafana Bafana akakungabazi nakancane ukuthi wumdlali asafuna ukumsebenzisa umgadli ozinze eFrance, uLebo Mothiba, kulandela akubone kuye emdlalweni wobungani neNamibia.
Umdlalo, obuzelisa ikakhulukazi esiwombeni sokuqala, ugcine uphele ngo 0-0 kodwa uBroos ujabule ngakubone kubadlali bakhe njengoba elungiselela i-Africa Cup of Nations nemidlalo yokuhlungela iNdebe yoMhlaba.
“Besifuna ukuwunqoba umdlalo kodwa ngijabule ngengikubone kubadlali. Bekuyiqembu eligcwele abadlali abasha abasazodinga ukujwayelana, kodwa sikwazile ukwakha amathuba okukora noma kunjalo,” kusho uBroos.
“Nabo bawatholile amathuba kodwa sidlale kangcono kunabo, ikakhulukazi esiwombeni sesibili kodwa sihlulekile ukuthola igoli ebesilifuna kodwa uma sikhuluma ngomdlalo nje, ngijabule ngendlela abadlale ngayo.
“UMothiba ubeqala ukudlalela iBafana eminyakeni emine, ubesadinga ukujwayela indlela esidlala ngayo, kodwa ngiyakwazi akwazi ukukwenza futhi nginesiqiniseko sisazomsebenzisa.”
IBafana izobhekana neDR Congo e-Orlando Stadium ngoLwesibili komunye umdlalo wobungani.