Usephinde wathola nesibhaxu umsubathi weMMA waseNew Zealand naseNigeria, u-Israel Adesanya, kwi-middleweight ye-Ultimate Fighting Championship (UFC) ephucwa ibhande wuSean Strickland obekulindeleke ukuthi amkeqe.
U-Adesanya uxhimfwe zisuka kwi-round yokuqala, wabuya kweyesibili nakweyesithathu, kodwa kuma-round amabili okugcina ubezenzela kuye uStrickland obelwa phambi komkhaya bakhe e-Australia. Okuqaphelekile kule mpi wukuthi uStrickland, obizwa ngoTarzan, ubesebenzisa amaqhinga acishe afane naka-Adesanya, abizwa nge-counter strike, ukuvika bese uyanemba. Bamshaye kanjalo waze wayophela umdlalo, wanqoba nge-unanimous decision.
Ekhuluma nabezindaba ngemuva kwempi unqabile ukukhuluma kakhulu wathi ucela ukuyodla isidlo sasekuseni, abe nomndeni wakhe nabantu abamthandayo njengamanje, washiya ezandleni zophethe ezokuxhumana eqenjini lakhe.
Israel Adesanya kept his post-fight press conference short and sweet after #UFC293 pic.twitter.com/bjKqgRa36G
— UFC (@ufc) September 10, 2023
U-Adesanya usazolithola ithuba lokubuyisa ibhande lakhe kwi-rematch kodwa abaningi bafuna aqale abhekane nentaba yaseMzansi, uDricus Du Plessis kuqala; ozowina phakathi kwabo abhekana nompetha omusha.
NoDricus ngemuva kwempi uveze ukumangala ngalo mphumela njengoba abaningi bebelindele ukuthi azinqobele kalula u-Izzy.
Bekungokwesibili ephucwa ibhande ezimpini ezintathu.