Umdlali wamaSpringboks okulindeleke ukuthi agile izimanga eFrance, uKurt-Lee Arendse, uthi uwubheke ngabomvu umdlalo wabo neScotland okuzobe kungowukuqala kwiRugby World Cup 2023 eseFrance.
Amabhokobhoko azobhekana neScotland eMarseille ngo-5.45 ntambama namhlanje. Ompetha bomhlaba baya kulo mdlalo besefomini njengoba bexebule kwasani ebiphambi kwabo belungiselela lo mqhudelwano.
U-Arendse uzoqala kwi-right wing obekulindeleke ukuthi inikezwe uCanan Moodie oselimele. Ukubekwa kwakhe kule ndawo kusho ukuthi uzobhekana ngqo noDuhan van der Merwe ozalelwe kuleli kodwa osedlalela iScotland. Ngokwesisondo nje uVan der Merwe umhlula ungaphezu kuka-Arendse ngo-26KG, futhi mude kunaye, ngaphezu kwalokho usofomini enhle.
U-Arendse nokho uthi akamesabi.
“Uma ngikhuluma iqiniso nje, sengikujahile ukubhekana naye kulo mdlalo. UDuhan udlale kahle kule sizini, kodwa nami ngikulungele ukubhekana naye,” kusho u-Arendse ngaphambi komdlalo.
____________________________________________________________________________________________________________
PROMOTION
Get Ready to Boost Your Deposits! ![]()
Deposit now and receive a 25% Match Day DEPOSIT BONUS on all deposits up to R10,000! ![]()
This offer is valid only for deposits made between September 8th and September 10th, 2023.
Ts & Cs apply.
Dlala manje ngokulandela le-link:Â https://playabets.click/o/aJAwHa
Uma ungenayo i-account, bhalisa manje:Â https://playabets.click/o/aJAwHa?lpage=hKi7Ar
