Umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos unesifiso sokubona iqembu lisingatha eminye eFree State Stadium kulandela ukugcwala kwalenkundla ngesikhathi beshaya iZimbabwe ngo 3-1 kowokuhlungela iNdebe yoMhlaba.

Bekuchwaza inhlokomo, abalandeli becula kulenkundla kwazise iBafana ibiqala ukuhambela isifundazwe iFree State eminyakeni engu-14. 

Abalandeli baseFree State abasalazi ibhola lesigaba sePremier Soccer League (PSL) njengoba ingasekho iBloemfontein Celtic eyathengwa iRoyal AM ngo-2021. Elinye iqembu elazizinze kulesifunda iFree State Stars nalo seladayiswa ngenxa yokuxinwa ezezimali.

IBafana yayigcine ukusebenzisa lenkundla ngesikhathi ihlula iFrance ngo 2-1 kwiNdebe yoMhlaba eyayisingathwe kuleli ngo-2010. Kuyinto engajwayelekile ukuthi abalandeli baphume ngobuningi bezobukela iNingizimu Afrika yize isibuyelwe yifomu ngaphansi kobuholi bukaBroos.

UBroos uthi kufanele kuhlelwe eminye imidlalo yeBafana ezoba seBloem.

“Bangichazile abalandeli. Uyabonakala umehluko owenziwa abalandeli abatheleke ngobuningi. Abalandeli bafakele abadlali umoya. Uthola umfutho owengeziwe uma udlala phambi kwenkundla egcwele. Sibuyelwe ukuzethemba esiwombeni sesibili, nabalandeli bajabula. Lomdlalo ubumuhle.

“UMvala (Mothobi) ungowokuzalwa kulesifunda (Theunissen), noMokoena (Tebogo) naye udabuka kulesifunda (Bethlehem). Abantu baseFree State bakujabulele lokho. Nami kungijabulisile lokho.

“Abalandeli bebefuna ukusijabulela noma sekuphele umdlalo. Bangichazile abalandeli baseBloem. Kufanele kusingathwe eminye imidlalo kulenkundla eminyakeni ezayo,” kubeka uBroos ekhuluma nabezindaba eBloemfontein.

Lomqeqeshi uthi ubeqala ukuhlangabezana nenhlokomo yabalandeli kusukela athatha izintambo eqenjini lesizwe ngoMeyi 2021.

“Angikaze ngibhekane nenkundla ebichwaza kanje selokhu ngafika eminyakeni emithathu edlule. Angeke ubhacaze uma uphelezelwa abalandeli abenza kanje,” kuchaza uBroos.