Umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos ubonge ngokukhethekile unozinti uRonwen Williams ovimbe amaphenathi amane kwiquarterfinal bebhekene neCape Verde eYamoussoukro ngoMgqibelo.
UWilliams, oqokwe njengomdlali ovelele, wenze ezibukwayo sekukhahlelwa amaphenathi, wafaka iBafana kuma-semifinals e-AFCON. IBafana igcine inqobe ngo 2-1 sekukhahlelwa amaphenathi.
Lonozinti usize iBafana sekuminciwe esiwombeni sesibili evimba ibhola likaGilson Tavares obephume yedwa.
Bekuyihlandla lesine uWilliams engangenelwa yigoli kulomqhudelwano, waphula irekhodi lika-Andre Arendse elaqopheka ngo-1996.
“Lomdlalo ungixinile kakhulu, ikakhulukazi sekukhahlelwa amaphenathi. Ukukhahlelwa kwamaphenathi kuyinto engachazeki kubadlali.
“Kuyenzeka nifunde amaphenathi uma sekuphele ijimu. Kujwayelekile ukuthi abadlali bayibhakuzise inethi kodwa izinto zishintshe uma sekusenkundleni. Kwenzeke okuhlukile namuhla, besigeja kalula ngisho neCape Verde.
“Kufanele sijabule ngokuwina. Angeke ngithi siwine ngenhlanhla ngoba unozinti wethu usitakulile. Akusiyona inhlanhla ukuvimba amaphenathi amane.
“Unozinti uvimbe amabhola amabili abeyingozi sekuzophela umdlalo. Bekufanele aqokwe njengomdlali ovelele,” kuchaza uBroos ekhuluma nabezindaba.
UBroos uthi iBafana ihlulekile ukudlala ibhola elijwayele, wasola ukuthi abadlali bagqilazwe ingcindezi.
“Sibozile uma ngiqhathanisa nayo yonke imidlalo esiyidlale kulomqhudelwano. Sidlale kangcono sibhekene neMali, Namibia, Tunisia neMorocco.
“Ibhola esilidlalile belihlukile uma ngiqhathanisa nomdlalo weMorocco. Abadlali abaningi bashaywe isipiliyoni nengcindezi.
“ICape Verde idlale kangcono ngoba ibingasabi ukuhlulwa. Besizolahlekelwa okuningi uma ngiqhathanisa neCape Verde. Abadlali bagqilazeke umdlalo ungakaqali, yingakho sihlulwe ukudlala ibhola esilijwayele. Ngibachazelile abadlali ukuthi ukuwina kuphela okubalulekile,” kuchaza uBroos.
IBafana izobhekana neNigeria kuma-semifinals ngoLwesithathu.