Iqhawe leBafana Bafana uRonwen Williams libonge umhlaziyi weqembu uSinesipho Mali ngeqhaza alibambile evimba amaphenathi amaphenathi amane eYamoussoukro ngoMgqibelo ebusuku. 

INingizimu Afrika inqobe ngo 2-1 sekukhahlelwa amaphenathi ibhekene neCape Verde kwiquarterfinal ye-AFCON. 

UWilliams uthi uMali uyena omkhombise ama-video abonisa abadlali beCape Verde beshaya amaphenathi. 

UWilliams (32) wenze ezibukwayo kulomdlalo, wancamisa noGilson Tavares ithuba eliwuqekelele sekwengezwe nesikhathi sikanompempe esiwombeni sesibili. 

Lonozinti weMamelodi Sundowns uqophe umlando ngokuba unozinti wokuqala ovimbe amaphenathi amane emlandweni we-AFCON. 

“Angiboni ukuthi ngake ngajabula ukudlula lolusuku. Sekufanele siyinqobe lendebe ukuze ngizojabula kakhulu. Ngijabule, kufanele ngibongele neqembu. 

Umhlaziyi weqembu ungisize kakhulu. Ubehlaziyile ukuthi iCape Verde iwashaya kanjani amaphenathi, wangithumela ama-video,” kuchaza uWilliams ekhuluma nabeSABC Sport. 

Bekuyihlandla lesine uWilliams eqeda umdlalo engadedelanga igoli, waphula irekhodi lika-Andre Arendse aliqopha ngo-1996. 

“Ngijabule kakhulu. Ngijabulele iqembu, hhayi amaphenathi. Bekufanele sinqobe, silwile saze safika ekugcineni. Kuphele imizuzu engu-130 sidlala. 

Sizoqhubeka nokulwa. Bekunzima ngoba abadlali baxinwe amajaqamba. Lokhu kukhombisa ukuthi abadlali bebezimisele ngokunqoba. Ngijabule ngokuthi sinqobile namuhla,” kuchaza uWilliams.