Umqeqeshi weChelsea uMauricio Pochettino uthi ukuboza kweqembu akulele kubadlali bodwa ngoba naye udlala iqhaza elikhulu.
IChelsea inenebulwe ngo 4-2 esibayeni sayo eStamford Bridge ibhekene neWolverhampton Wanderers emdlalweni wePremier League.
Bekuyihlandla leshumi iChelsea ithola isibhaxu emidlalweni engu-23 yeligi kulesizini.
AmaBlues adedele amagoli amane emdlalweni wesibili kulandelana kwiligi njengoba exetshulwe ngo 4-1 ebhekene neLiverpool ngoLwesithathu.
Abalandeli beChelsea bahlulekile ukufihla ukucasuka ngeqembu, njengoba behhewule abadlali sekuyiwa ekhefini nangesikhathi sekuphela umdlalo.
“Asenzanga kahle, ngibala abadlali kanye nethimba lami. Ngingumuntu eokuqala okufanele amelane nobunzima. Sishaye udaka namuhla.
Sihlulwe ukumelana nesimo. Angifuni ukugxeka abadlali, ngizovuma ukuthi icala elethu sonke.
Sihlulwa ukuvikela umlando weqembu. Kufuneka sivume amaqiniso, sizigxeke thina. Kumele siqhubeke nokuzikhandla, sithathe izinqumo ezizoletha isisombululo,” kuchaza uPochettino ekhuluma nabeSky Sports.
URaheem Sterling, oshaye udaka emdlalweni, uhhewulwe abalandeli ngesikhathi ekhishwa.
UPochettino uxolise kubalandeli, wacela babekezele ngoba iqembu ligcwele abadlali abasebancane.
“Ngiyaxolisa kubalandeli. Ngiyazi ukuthi balindele ukubona iChelsea ihleli endaweni ehloniphekile. Kunezimo ezisibeke kulendawo esihleli kuyo.
Kufanele sibhekane nobunzima. Angibasoli abalandeli ngokucasuka. Ngiyaxolisa kubo. Siphoxekile njengabo, kufanele silwe ngokuhlanganyela nabo ukuze imiphumela izoshintsha.
Abadlali basebancane ngokweminyaka, kufanele sibaxhase. Ngiyabonga kubalandeli abawuqedile umdlalo ngoba bezokweseka iqembu. Banelungelo lokucasuka ngoba bawulinde waphela umdlalo,” kuchaza uPochettino.