Umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos uthi uPatrick Maswanganyi uwuhlobo lomdlali ongasivala khaxa isikhala sikaThemba Zwane eqenjini lesizwe.
UBroos sekunesikhathi eveza ukuthi ukhathazekile ngokuthi uzosivala ngobani isikhala sikaZwane oseneminyaka ewu-35. UZwane ushaye into ecokeme kwi-Africa Cup of Nations ekhombisa ukubaluleka kwakhe noma iminyaka isihambile.
Izolo uBroos uthuse abaningi ebiza uMaswanganyi, kodwa washayelwa ihlombe ngalesi sinqumo ngoba sekunesikhathi u’Tito’ engqongqoza kwiBafana.
Ekhuluma ngoZwane, uveze ukuthi okwamanje akacabangi ngokumshintsha afake omnye umdlali kodwa ufuna ukulungiselela ingomuso.
“Angikacabangi ngokuvala indawo kaZwane manje, kodwa kumele sikucabanhge ukuthi uzobe eneminyaka ewu-37 ngo-2026, ngakho kumele sikulungiselele lokho – ngiyethemba uMaswanganyi uzoxizululela leyo nkinga,” kusho uBroos
“Uneminya ewu-25, umdlali okumele simsebenzise eminyakeni eyisikhombisa elandelayo lo. Uma edlala kahle singamsebenzisa ngo-2026.”
Lo mqeqeshi uthe uzama ukugwema inkinga endala yeBafana yabadlali abaqala ukumela iqembu lesizwe sebeneminyaka ewu-28 noma-29. Ufuna abadlali bacoshe lonke ulwazi abangaluthola ngokushesha.
Uqhube wancoma nabaqeqeshi bePSL ngokwandisa isibalo sabadlali abasakhula emaqenjini akhe waveza nokuthi bazobe bemqaphile uRelebohile Mofokeng we-Orlando Pirates okhombisa izinkomba zokuba wumdlali osazoshisa.