Umqeqeshi wamaSpringboks, uRassie Erasmus useveze ukuthi angase aqoke ukapteni omusha eqenjini lesizwe njengoba efuna ukapteni kube wumdlali ozinze kuleli.
Lokhu akucikiciwe emthethweni obhalwe phansi kodwa ngokuka-Rassie yinto eyaziwayo ukuthi ukapteni wamaSpringboks kumele agijime eqenjini lakuleli ngoba kwenza umsebenzi womqeqeshi ube lula.
UKolisi usedlalela iRacing 92 eFrance.
“USiya udlala irugby esezingeni eliphezulu eFrance njengamanje, kodwa ngincamela ukuba nokapteni okuleli ukuze ngizoxhumana naye kangcono.
“Kunezimo [ezingeke zisivumele], ngicabanga ukuythi uzodlala ama-test match kodwa anginaso isiqiniseko sokuthi uzobe ewukapteni.”
Phambilini uKolisi wayeveze ukuthi uzoyeka ukudlalela amaSpringboks ngemuva kweNdebe yoMhlaba yango-2023 kodwa usefuna ukuqhubeka kuze kufike iNdebe yoMhlaba elandelayo engo-2027.