Baphume ngesamagundwane enkundleni i-Olympic Stadium of Ebimpe abadlali beGhana kulandela ukukhishwa esigabeni samaqoqwo kwi-Africa Cup of Nations ebanjelwe e-Ivory Coast.
Abadlali beGhana bazame ukuphuthuma ebhasini labo ngemuva komdlalo wayizolo ophele ngo 2-2 bebhekene neMozambique.
Izintatheli zaseGhana ebezilindele ukukhuluma nabadlali zithuke zoma zinaka ukuthi engathi abadlali bayo abaningi abayingeni eyokukhuluma nabezindaba, zavele zaqonda ebhasini leqembu zazama ukubavimba.
Iningi lezintatheli kuthiwa bezilokhu zikuveze njalo ukuthi abadlali abangabaleki ngoba bafuna ukuxoxisana nje nabo, bababuze ngendlela abadlale ngayo kulo mqhudelwano. Ngesikhathi bebona ukuthi abazimisele ukukhuluma nabo kuthiwa ziqalile zathi zizozixoshela zona bonke abadinga ukuxoshwa eqenjini lesizwe, nokuthi bazoqala ngomqeqeshi uChris Hughton osolwa ngokungazi lutho ngebhola lase-Africa.
My Co- Commentator @E_Adebayor on Ghana's performance against Mozambique.
— George Addo Jnr (@addojunr) January 23, 2024
"What will Ghana do in the next round even if they qualify ? There's no point" pic.twitter.com/GjzbKgd79u
Kwenye ivideo kuzwakala intatheli ithi: “sibalindile, sibalinde. Ngeke sibenze lutho, sifuna ukubabuza imibuzo nje kuphela. Ngeke sithinte muntu, sifuna ukubabuza ngomdlalo nje. Siyizintatheli, ngeke sithinte muntu.”
Kunomunye ozwakale ememeza ethi ‘khiphani abadlali’ ngesikhathi besazivalele kuma-change room bengafuni ukuphuma. Kugcine kukhulume umdlali weWest Ham uMohammed Kudus nabezindaba.
Between 2008 and 2017, Ghana made the semi-finals of each AFCON. Now, the team is struggling to even make it past the group stages. My report after the embarrassing 2-2 draw to Mozambique.
— Owuraku Ampofo (@_owurakuampofo) January 23, 2024
For @3SportsGh pic.twitter.com/F8ok81RIVN