Oyimenenja-jikelele kwiKaizer Chiefs uBobby Motaung usephendule abalandeli abacela ukuthi iqembu lisayinise umgadli odliwa yibhentshi kwiMamelodi Sundowns uKermit Erasmus.
UBobby uthi kudingeka ahlale nezinye izikhulu zeqembu kanye nomqeqeshi ngaphambi kokuthatha isinqumo sokuphuma inqina kamabuyaze beyofuna lomgadli.
“Izikhulu zeqembu sezihlanganise amakhanda, kudingidwa udaba lwabadlali, ikakhulukazi uhlobo lomgadli oludingekayo. Izingxoxo ezinjalo zidinga ithimba elikhethekile eqenjini.
Ngiyabaqonda abalandeli bebhola, baqale ngokufuna umdlali oseGibhithe, manje sebefuna u-Erasmus. Kuyinto ejwayelekile ngoba balifisela okuhle kodwa iqembu.
Kukhona ithimba elikhethekile elithatha izinqumo, lihlole abadlali abadingakalayo. Izinqumo ezinjalo angeke ngizithathe ngingedwa, kufanele sihlale phansi, sihlolisise,” kubeka uBobby ekhuluma kwiSAFM.