Umqeqeshi weKaizer Chiefs u-Arthur Zwane uthi umdlalo weMacufe Cup owokuhlanganisa isikimu abasithembayo njengoba bezobhekana naMaZulu kwiMTN 8 ngomhlaka 2 ku-Okthoba.
IChiefs izobhekana neRoyal AM kwiMacufe Cup ngeSonto.
“Siyawudinga lomdlalo ngoba sisafuna ukuqinisa kwezinye izindawo eqenjini. Sifuna ukuhlanganisa iqembu, sinikeze abanye abadlali ithuba lokudlala ngoba kuyadingeka ukuthi bafinyelele ezingeni labanye.
Kufanele sisebenzise lomdlalo ukuze sizothola izindlela zokudlala emidlalweni elandelayo ngo-Okthoba ngoba silindwe yimidlalo eyisikhombisa.
Silindele ukubona abalandeli beChiefs begcwele eMangaung naseFree State ngoba kudala sagcina ukudlala khona,” kubeka lomqeqeshi.
Umdlalo weMacufe Cup uzokhonjiswa bukhoma kuSABC 1 ngehora lesithathu emini.