UMengameli weRoyal AM uShawn Mkhize usephumele obala ngodaba lukamqeqeshi uDan Malesela oseshiyile kwiThwihli Thwahla, wayojoyina iMarumo Gallants.

UMaMkhize ubekhuluma ohlelweni iSports Nights Amplified no-Andile Ncube, wageqa amagula ngokushiya kukaMalesela.

UMaMkhize uthi uMalesela uyena owafika ezocela umsebenzi kwiRoyal AM.

“UDan Malesela uyena owafika ezocela umsebenzi kwiRoyal AM, wangitshela ukuthi kuyamhlula ukucika iqembu ebambisene nabanye abaqeqeshi.

UDan Malesela wangitshela ukuthi ufuna ukukhuluma njengomqeqeshi, ukubambisana nabanye abaqeqeshi kumnqinde amandla akhe.

Ngifaka isandla eqenjini, kufanele ngibone izinto ezenzakalayo. Ngifake imali yami, kufuneka ngifake isandla. Angifiki ejimini njalo, angeke ngiphawule ngabadlali okufanele bafake esikimini. Kodwa ngiyatshelwa maphakathi nesonto ngezinhlelo zemidlalo esuke izodlalwa,” kubeka uMaMkhize.

UMaMkhize uthi akahlangani nakancane nesinqumo sokubekwa kuka-Andile Mpisane ebhentshini ngaphambi komdlalo weRichards Bay.

“Abaqeqeshi abaqoka ukufaka u-Andile Mpisane eqenjini, mina ngatshelwa ngesinqumo kuphela. U-Andile uyajima neqembu, uyena owangifaka ebholeni, uyalithanda ibhola futhi uyakwazi nokulidlala.

Abaqeqeshi bayavumelana, angeke ngithi bekunezingxabano. Kufanele nginake indaba kaKhabo Zondo ongakwazi ukuhlala ebhentshini, ngenhlanhla u-Abram ukwazile ukuhlala ebhentshini.

Angibhekils ukuqasha omunye umqeqeshi njengoba engasekho uDan. Angifuni izicelo zomsebenzi, sengithole eziningi kakhulu. Ngifuna iqembu liqhubekele phambili,” kubeka uMaMkhize.