Umdlali weBafana Bafana uNjabulo Blom uzisole ngamaphutha awenze emdlalweni bebambana ne-eSwatini yize eqokwe njengomdlali ovelele. 

Kuphoxeke izinkumbi zabalandeli kanye nomqeqeshi uHugo Broos imbala iBafana idlala ngokulingana nomakhelwane bayo. 

UBlom (24), ubeqala umdlalo wakhe wokuqala esikwatini, waqeda imizuzu engu-75. 

Ngemuva kokuhlabana ngomklomelo womdlali ovelele, uBlom ukubeke obala ukuthi ushaye udaka emdlalweni. 

“Ngiyazisola, ngilahle inqwaba yamabhola esiswini nebhola belidlula kalula. Asikhombisanga ukufuna ukudlala ibhola elishoshela phambili. Kufanele sizame ukugcina ibhola, sikhande amathuba okushaya amagoli. 

Bekufanele ngenze kangcono kulomdlalo, ngilahle ibhola izikhathi eziningi. Singakwazi ukulungisa lenkinga siyiqembu, siqhubekele phambili,” kusho uBlom.