Yize isibalo seqembu lakhe sisincane kakhulu, umqeqeshi weRoyal AM uJohn Maduka uthi ukukhala akusizi ngoba kufanele asebenzise abadlali abakhona kule sizini ngenxa yesijeziso seFIFA.
IThwihli Thwahla ishawe yiFIFA ngoswazi, inikezwa isigwebo sokungabasayinisi abadlali.
“Kubalulekile ukuthi ngibasebenzise abadlali abakhona. Amanye amaqembu awanazo izikwati ezinkulu, nawo azodlala kulo mqhudelwano.
“Kufanele ngibasebenzise bonke abadlali, ngibaphumuze ngokwanele ukuze bezolungela imidlalo elandelayo. Yikho okuzosiza,” kubeka uMaduka eHyde Park ngoLwesibili.
IRoyal AM iqhathwe neSekhukhune United ngesonto elizayo ePeter Mokaba Stadium. UMaduka uveza ukuthi babheke ukungena kuma-quarterfinals.
“Siqhathwe neqembu elihle. Alikho iqembu elincane kwiligi. Sizodlala neSekhukhune ekuhambeni. Kufanele sizikhandle, sicijele ukudlulela emzuliswaneni olandelayo kulomqhudelwano.
Siyiqembu eligcwele amaphupho. Awukho umqhudelwano esiwashiswa kuwona ijezi emidlalweni wokuqala. Sijwayele ukufika kuma-quarterfinals.
Sizozama ukulwela ukudlulela kumzuliswano olandelayo. Inkomishi yesithathu iyithuba lokuzama ukudlala kweminye imiqhudelwano. Ngisho nabalandeli bayakuthokozela ukubukela ibhola,” kusho uMaduka.
IRoyal AM izodlala neSuperSport United kwiligi emdlalweni ozolandela oweCarling Knockout.