Sphamandla Gumede
Kuvele elomhlathi kumqeqeshi weKaizer Chiefs uGavin Hunt onqobe okokuqala emidlalweni emine ebhekene ne-Orlando Pirates ngesikhathi lezi zinkunzi zitholene eFNB Stadium ngoMgqibelo.
Igoli likaSamir Nurkovic liweze iChiefs ebiphikwa imiphumela kwiDSTV Premiership emasontweni edlule. Udlalo uphele ngo 1 – 0. Amakhosi abhaxabulwe yiBucs ngo 5-0 uma kuhlanganiswa imiphumela yemilenze emibili kwi-MTN 8, aphinde ashaywa ngo 2-1 emzuliswaneni wokuqala weDSTV Premiership. “Sithole amathuba angcono emdlalweni. UNurkovic ubengashaya amagoli amathathu. Ngibatshelile abadlali ukuthi baqinisele, sizonqoba. Badlale kahle, silwile impela. Sibavalele amathuba emuva. Angikaze ngibone unozinti evimba ibhola,” kuchaza uHunt ekhuluma nabeSupersport TV.
UHunt uphinde wancoma uBlom, oshaye into ecokeme emdlalweni. “UBlom bekufanele aqokwe njengomdlali ovelele, udlale kahle. Unomoya futhi akanqeni ukugijima. Kumele abhukule kodwa uzoba ngcono kakhulu. UHappy Mashiane uphasele uNurkovic ibhola elihle. Kodwa abadlali abancane badinga ozakwabo abazobasiza. Kumele sikholelwe kubo,” kuchaza uHunt.
IChiefs ihleli kunombolo-9 kwilogi yeDSTV Premiership ngemuva kwemidlalo ewu-19 kanti izobhekana neStellenbosch FC ngo-Ephreli 6 emdlalweni olandelayo.