Sphamandla Gumede
Umqeqeshi weBafana Bafana uMolefi Ntseki uthi ukukhala akusizi njengoba iqembu liphoqeleke ukubiza abadlali abasha ukuvala isikhala salabo abanqatshelwe amaqembu abo aphesheya ukuhambela ezweni labo.
IBafana izobhekana neGhana kanye neSudan emidlalweni yokuhlungela i-AFCON 2022 ngaphandle kukaBongani Zungu (Rangers), Dean Furman (Carlisle United), Thulani Serero (Al Jazira) noKeagan Dolly (Montpelier) abanqatshelwe amaqembu abo aphesheya kwezilwandle ukuvakashela eNingizimu Afrika.
UNtseki ukucacisile ukuthi lendaba iyamkhathaza kwazise labadlali bayinsika yesikwati. “Sibize abadlali abangu-30 kodwa simiswe kabi amaqembu aphesheya anqaba ukudedela abadlali. Ngenxa yalokho, angeke sifake abanye abadlali abazovala izikhala zabo. Sizolinda kulungiswe indaba yabo. UBongani Zungu akekho, uFurman akekho, uSerero kanye noDolly abekho. Sisaxoxa namaqembu ukuze bezodedela labadlali. Uma bengafiki eGoli, okungenani kumele badedelwe beze eSudan. Siyaxoxisana namaqembu ukuze ezobadedela abadlali,” kuchaza uNtseki obekhuluma nezintatheli.
Lo mqeqeshi uveze ukuthi kunabadlali abalimele abasuka emaqenjini akuDSTV Premiership. UNtseki uqoke ukubiza abadlali abahlanu abazovala izikhala zalabo abalimele nalabo abavinjelwe amaqembu abo. UThabo Nodada, Mothobi Mvala, Lebogang Maboe, Thabiso Kutumela noVincent Pule.
“Kubuhlungu indlela amaqembu aphesheya asijezisa ngayo. Asitshela ukuthi iNingizimu Afrika inezibalo ze-Covid-19 eziphezulu. Wonke amazwe anayo iCovid-19. Kuyasiphoxa kakhulu ukungabadedeli abadlali. ESouth America batsheliwe ukuthi abadlali angeke badedelwe ngenhloso yokuzibandakanya emidlalweni yokuhlungela iNdebe yoMhlaba. Imidlalo yakhona imisiwe. E-Afrika sitshelwa ukuthi asiqhubeke nemidlalo ngisho bengekho abadlali abazinze emazweni aphesheya. Imidlalo yokuhlungela imiqhudelwano ikhona ngoJulayi, Septhemba no-Okthoba. UNtseki uthi angeke bakhalaze ngezinkinga. “Udaba lwabadlali abavinjelwe ukufika ngenxa ye-Covid-19 luyingxenye yesimo esibhekene naso, angeke sikhalaze.”
IBafana izodlala neGhana ngoLwesine ngaphambi kokubhekana neSudan ngeSonto.