Sphamandla Gumede

Umqeqeshi we-Orlando Pirates uJosef Zinnbauer ukhalaze ngokupaka ibhasi okwenziwe yiKaizer Chiefs enqobe umdlalo womkhaya ngo 1 – 0 eFNB Stadium ngoMgqibelo. UZinnbauer uthi indlela iChiefs edlale ngayo ibingalungile kwazise ibidlalela ekhaya futhi kuwumdlalo omkhulu.

“Kuyinto ejwayelekile yini ukudlala ibhola elizumayo uma udlalela ekhaya? Angiboni kanjalo mina ngiwumqeqeshi, ikakhulukazi uma iqembu lidlalela ekhaya. Iqembu livele lipake ibhasi. Banqobile, kumele sikudlulise lokho. Emidlalweni emithathu eyedlule sidlale kahle kodwa sihlulekile namuhla. Ibhola linjalo. Besifuna ukuwinela abalandeli, besinethuba lokuyohlala endaweni yesibili kwiligi. Umdlalo usiphikile,” kuchaza uZinnbauer ecashunwa abeSuperSport TV.

IBucs ibisinqobe imidlalo emithathu ibhekene neChiefs kulesizini. Yawina ngo 5 – 0 kwiMTN 8 uma sekuhlanganiswe imiphumela yemilenze emibili. Yaphinda yawina ngo 1 – 0 koweDSTV Premiership. UZinnbauer uphinde wagxeka abadlali bakhe ngokuhlulwa ukumaka ibhola eligcine ngokungena enethini, lishaywa uSamir Nurkovic.

“Siziyekele ukunqoba, umdlalo besiwuphethe kodwa senze iphutha elilodwa sajeza. Siyazi ngamabhola agotshiwe kanye nama-corner. Uma unganakile, igoli liyangena,” kuchaza uZinnbauer.