Ukapteni weManchester City uBernardo Silva uthi ‘basebumnyameni’ ngemuva kwenduku ka 3-0 abayithole kwiReal Madrid izolo kowe-UEFA Champions League.
IMadrid ibukise ngeCity eBernabéu Stadium emlenzeni wokuqala womdlalo we-round of 16, okuyibeke ethubeni elihle lokuzibekisela indawo kuma-quarterfinal.
Ngemuva komdlalo umqeqeshi weCity uPep Guardiola uthe bazokwenza konke okusemandleni ukubuya emlenzeni wesibili abazowudlalela e-Etihad Stadium eManchester. Kulowo mdlalo kuyobe sekubuye umgadli ovutha bhe weMadrid uKylian Mbappe.
KYLIAN MBAPPÉ CELEBRANDO EL HAT-TRICK DE FEDE VALVERDE.
— (fan) REAL MADRID FANS 🤍 (@AdriRM33) March 11, 2026
DICEN QUE NO ES MADRIDISTA 😭😭🤣pic.twitter.com/rh3AS44ysU
UBernardo uthi kuzoba nzima ukubuya.
“U 3-0 wenza sibhekane nomqansa,” kusho yena ngemuva komdlalo.
“Lo mphumela ungishiya nomuzwa omubi, sisebumnyameni, kodwa kusasa olunye usuku.
“Ngesonto elizayo sizoya kumlenze wesibili sizitshela ukuthi sisengawushintsha umphumela. Kunzima ukukhuluma ngalo mdlalo manje ngoba kusamele ngiphinde ngiyowubuka. Ngibone siwuqale kangcono kunabo umdlalo kodwa.”
ESTE VIDEO ES ORO.
— Real Madrid Fans 🤍 (@MadridismoreaI) March 11, 2026
pic.twitter.com/buwATmVk8I