Umqeqeshi we-Orlando Pirates u-Abdeslam Ouaddou uthi bazokwenza konke okusemandleni ukulwela isicoco seligi kule sizini ngemuva kokubuyela esicongweni etafuleni leBetway Premiership.

IPirats ibuyele kunombolo 1 izolo ngemuva kokushaya iRichards Bay FC ngo 2-0 e-Orlando Amstel Arena. Igoli lokuqala leZimnyama livalelwe wu-Oswin Appollis ngomzuzu ka-26. Elesibili lize lalandela sekuyophela umdlalo u-Evidence Makgopa evalela ipenalty ewinwe wuTshepang Moremi noma abaningi besale beshaya amakhala ngayo.

Umphumela ugudluze iMamelodi Sundowns esicongweni noma inamaphuzu alinganayo naweBucs.

IPirates yagcina ukunqoba isicoco seligi ngeisizini ka 2011/2012, okuyinxeba efisa ukulivala kule sizini.

“Wonke umuntu unephupho lokunqoba isicoco seligi. Sizokulwela ukuba wompetha,” kusho yena ekhuluma nabeSuperSport TV ngemuva komdlalo wayizolo.

“Sinentshisekelo yokulwa kuze kube sekugcineni. Ngingakuthembisa ukuthi singafana nokufana enkundleni ngoba ngeke sililahle ithemba ngisho sesibhekene nomzuzu wokugcina.”

Ngemuva komdlalo wayozolo, iPirates neSundowns basele nemidlalo eyishumi kwisizini. NgoMgqibelo iBucs izobhekana neSiwelele FC e-Orlando ngo 15:30 ntambama.