Omunye wabaqeqeshi ababambile kwiKaizer Chiefs uCedric Kaze ugudle ibhola elalidlaliswa wu-Ernst Middendorp ezishaya isifuba ngomsebenzi abawenza kuMakhosi kule sizini.

UKaze uzwakalise okomuntu obezincoma ngomsebenzi wakhe ekhuluma nezintatheli namhlanje eNaturena kulandela umbhikisho wabalandeli abafuna kulandwe umqeqeshi omusha njengoba sekubhimbe izinhlelo ngaphansi kukaKaze noKhalil Ben Youssef emasontweni ambalwa edlule.

“Uma leli qembu liqeda endaweni yesithathu kule sizini ngizokuthatha njengento eyimpumelelo ngoba akekho okwenzile eminyakeni ewu-10 edlule.

“Kukhona omunye [u-Ernst Middendorp] owaqeda endaweni yesibili eminyakeni embalwa edlule ngamagoli ama-setpiece, nangokuqumuzwa kwebhola.

“Ngakolwami uhlangothi kngaba yintoeyimpumelelo uma siqeda kwi-top 3, uma siqede kunombolo 2 kungaba yinto eyisimangaliso. Siyasebenza nsuku zonke ukuqineskisa iqembu liqeda isizini phezulu.”

Lo mqeqeshi uqhube wagadla nakubalandeli beqembu ethi ngathi abazazi bafunani ngoba uma bewine imidlalo emithathu kulandelana, bathi bafuna iligi, uma iqembu selibhekana nenduku emidlalweni owodwa noma emibili bafuna kuxoshwe abaqeqeshi.

Inkulum kaKaze ibeka ngokusobala ukuthi seziqalile izingxoxo phakathi kwabo nabaphathi beqembu ngokuzokwenzeka uma isizini iphela iChiefs ingekho kwitop 3.