Umculi we-Afro Jazz ne-Afro Soul, uBerita (Gugulethu Khumalo), usephumele obala ngokuhlukana noNhlamulo ‘Nota’ Baloyi osebenzisana neSony Music Entertainment ashade naye ngo-2020.
UNota nonyaka ulokhe ezakhele udumo kabi ezinkundleni zokuxhumana ngezinkulumo zakhe ezingehli kahle kuma-podcast adlala kuYouTube. Muva nje usanda kuveza ukuthi umkhangisi wasezinkundleni zokuxhumana uMihlali Ndamase akamboni emuhle, waqhubeka wathi umbona ewumuntu odayisayo, okusho ukuthi uma edayisa engathengeka njengezilwane, futhi engabulaleka njengazo.
NgoMsombuluko ekuseni uBerita uvuke wabhala ekhasini lakhe ecacisa ukuthi usehlukene noNota kulandela ukufakwa kwegama lakhe njalo uma ekhuluma into engasile esabalala ezinkundleni zokuxhumana.
“Ngesikhathi ngikhetha ukushiya umshado wami kwakuwusuku okwakumele ngikhethe phakathi kokushada nokuphila. Sesihlukene noNhlamulo ‘Nota’ Baloyi. Ngaphuma emzini wethu ngoJanuary 13 2022. Njengamanje sihlukene.
“Bengithule ngalento ngoba ngikhathazekile ngokuphepha kwami. Lo mlisa akakhathali, uyadelela futhi akalawuleki. Akalaleli muntu. Angihambisani nezenzo zakhe. Angazi nokuthi ngingaqala ngaphi uma kungathiwa angibale izikhawu ekhuluma kabi,” kuloba uBerita ekhasini lakhe kuTwitter.
UBerita uxolisile nakuMihlali ngendlela uNota akhuluma ngayo ngaye wathi udinga usizo labaluleka abangaphilile kahle ekhanda. Uthi lokhu wakwazisa ngisho umndeni wakhe.