UMCULI uNandi Madida udle umhlanganiso ngengqephu yakhe kwi-Hollywoodbets Durban July ekade ingempelasonto eThekwini, eGreyville Racecourse.

I-Hollywoodbets iqoke uNandi njengobegqoke kahle kunabo bonke futhi ohloniphe isiqubulo sabo ebesithi “Show me the honey” 

Lo mcimbi ohlanganisa abathandi bemfashini nalabo abathanda umjaho wamahhashi ubuqala ukuthi uxhaswe yiHollywoodbets, kanti ubuqala futhi ukuba khona emva kobhubhane iCovid-19 njengoba wawugcine ukuba khona ngo 2019.

Inkakha ekwethuleni ezemidlalo uRobert Marawa uncome lomcimbi wathi uhlanganise abantu. Uphinde wancoma ukuhlangana kwe-Durban July ne-Hollywoodbets athe kube into enhle. 

“I-Hollywoodbets inesipiliyoni futhi bangochwepheshe uma kuziwa kwezokubheja nasemahhashini. Ukusingatha kwabo lomcimbi kube impumelelo,” kuchaza uMarawa. 

Ihhashi elinqobe umjaho omkhulu wuSparkling water elidonse amehlo ezihlwele kanti beligitshelwe uSmanga Khumalo wakwaMashu. 

Umethuli wezemidlalo ongaconsi phansi uCarol Tshabalala uthe le-Durban July ibingafani namanye ibihluke kakhulu. 

“Sengike ngayihamba kaningi iDurban July eminyakeni eyedlule kodwa lena ibiyinhle futhi ihloniphekile kunawo wonke aseke abakhona,” kuchaza uCarol.

Eqhuba uhalalisele iHollywoodbets ngokubeka lomcimbi ezingeni eliphezulu.