Inkampani i-Signature Soirée ihlangene nehhotela lempunyela yaseThekwini, uMnuz Vivian Reddy, iRadisson Blu, eseMhlanga bathembisa izicukuthwane zabo izulu elincane kwi-Hollywoodbets Durban July.
Umqondisi weSignature Soirée, uMnuz Lunga Sokhela, uthe babheke izinga labantu abazobe bekhona base bebona kufanele ukuthi babheke indawo esezingeni eliphezulu, ingakho besebenzisana naleli hhotela likanokusho. USokhela uthe indawo yehhotela iRadisson Blu yinhle kakhulu futhi isezingeni.
“Besifuna ukusebenza nothile wendawo ukuze simsize ekukhangiseni ihhotela. Sikhethe iRadisson Blu ngoba sijabule ngezinsiza zayo. Uma sibheka uhlobo lobumnandi esifuna ukubunikeza izivakashi zethu, sinesiqiniseko sokuthi ihhotela lizoziphatha kahle izihambeli zethu,” kusho uSokhela.
Eqhuba uthe izicukuthwane zizototoswa izinsuku ezintathu kusukela ngoJulayi 1 lapho zizofika kuleli hhotela elinamagumbi awu 206 kanye nama suites awu 95, zamukelwe ngomcimbi okhethekile lapho kuzobe kuhlangene khona izinjinga nezicukuthwane eziphezulu.
Uthe itende leSignature Soirée lizobe linako konke okuzodingwa izicukuthwane ngosuku lwesibili okuwusuku lweHDJ.
“Kuzobe kukhona isiteshi esiqondene ngqo netende lethu sakwaHollywoodbets ukuze izivakashi zethu zizokwazi ukubheja. Nomhloli womjaho onguchwepheshe uzobe ekhona ukulekelela izivakashi zethu,” kuchaza uSokhela.
UMnuz Sizwe Mchunu ongomunye wabaqondisi bale nkampani uthe izivakashi zabo zizobhema zikholwe kanti zizokwakha nobuhlobo obungase buzisize emabhizinisini azo.
Abantu bangabhukha kule-website: bookings@signaturesoiree.co.za noma bathinte le nombolo: 087 265 5476