Umgadli omusha we-Al Ittihad uKarim Benzema useshayele uCristiano Ronalo ihlombe ngokubavulela indlela kwiSaudi Pro League, nangokudumisa iligi ebingadumile kangako emhlabeni.

UBenzema uthuse abaningi eqoka ukushiya iMadrid ukuze ayodlala eSaudi Arabia, osekucacela ngisho ingane ukuthi isazobutha inqwaba yabadlali abasuka kumaligi amakhulu e-Europe.

“Kubalulekile ukuthi uRonaldo useSaudi Arabia, ngoba uwumdlali omkhulu. Kuningi akwenzela umdlalo webhola kulelizwe, lokho kuzolikhulisa nezinga lokudlala.

“Kubalulekile ukuthi sikhombise abantu ukuthi ibhola laseSaudi lingathandwa emhlabeni. Ngifuna ukukhombisa ukuthi ngizoligcina izinga ebengikulo ngidlala e-Europe.”

UBenzema wamukelwe abalandeli abangaphezulu kuka-60 000 eKing Abdullah Sports City Stadium eJeddah.