Umqeqeshi wabagadli kwiManchester United, uBenni McCarthy, usevikele unozinti waleli qembu uDavid De Gea kulandela izikhalo ngaye ngemuva kwe-final yeFA Cup.
UMcCarthy uthi kungafana necala ukudedela unozinti onqobe igolden glove. Sekunesikhathi kudingidwa ikusasa likaDe Gea ngaphansi kukaTen Hag. Isikhathi esiningi abahlaziyi nabalandeli bakhala ngokuhluleka kwakhe ukukhombisa ukuthi uyakwazi ukususa umnyakazo emuva.
Abanye bakhala nangamagoli amdlile kwiFA Cup, bathi kwakufanele enze kangcono.
UBenni nokho uthi iyashisa insimbi kwiPremier League.
“Niyazibonela inzima kanjani iligi. Ngiyakuqonda ukuthi abadlali babuye badlale kabi lapha nalaphaya, kodwa ngisambala konozinti abaphambili emhlabeni esengike ngasebenza nabo. Wenza izinto ezimangalisayo.
“Ngisebenza naye nsuku zonke ngikubone lokho, abanye bambona ngoMgqibelo kuphela, enza iphutha elilodwa bese bayagxeka ogxekile. Uwumdlali osezingeni eliphezulu futhi uhlakaniphile. Kungaba yicala uma i-United ingadedela unozonti ofana noDavid De Gea.