USihlalo weSAFA eKZN uthi bazozisola ngelinye ilanga abalandeli boMsinga United abasuse uthuthuva kulandela ukushaywa kwezabo emdlalweni ne-Orbit College kuma-semifinal eSAFA ABC Motsepe League National Play-offs eHarry Gwala Stadium ngoLwesihlanu ntambama.

Kube ncane indawo ngemuva kwalo mdlalo izolo kulandela ukushaywa kweMsinga United ngo 1-0 okucasule abalandeli bayo abajikijele  amabhodlela nezigubhu zamanzi enkundleni bekhala ngezinqumo zikanompempe, uMasixole Bambiso, ophume esegadwe ngamaphoyisa. Kuphinde kwaqhuma nenganono kuyo le nkundla, okuthuse abaningi.

Usihlalo weSafa KwaZulu-Natal, uKwenzakwakhe Ngwenya, utshele abezindaba ngemuva komdlalo ukuthi abaphathi boMsinga bazohlawuliswa ngesenzo sabalandeli bayo, waveza nokuthi bazoqinisa ezokuphepha kowamanqamu ophakathi kwe-Upington City ne-Orbit College ngeSonto.

“Siphoxekile kakhulu ngalesi sigameko, noma besibafisela ukuthi banqobe. Besifuna banqobele isifundazwe, kodwa asiyithandanga neze indlela abalandeli abaziphathe ngayo…basazozisola ngalento nabo.

“Sizoqinisa ezokuphepha ngokuzayo. Kowamanqamu sizokuqinesekisa lokho.”