Obengumqeqeshi waMaZulu FC, uBenni McCarthy uthi abanikazi abasha boSuthu ababalanga kahle ngesikhathi bethenga leli qembu eligijima kwiDStv Premiership.
UBenni ukhonjwe afike ngayo kuMaZulu nonyaka ngenxa yokugqoza kwemiphumela nakuba ebeke iqembu endaweni yesibili ngesizini edlule, walifaka kwiCAF Champions League.
Engxoxweni neSABC Sport, uBenni ugcine ephefumulile ngokuxoshwa kwakhe kuSuthu olugcine luvale isikhala sakhe ngoBrandon Truter, obambile.
“Ngibafisela okuhle kodwa, ngimfisela okuhle umngani wami (uTruter)…ngoba kumele uqine ukuze uhlale kulo msebenzi.
Uma ufuna ukungena kuyo yonke imncintiswano ungene koCAF Champions League uphinde usebenzise izinkundla ezisetshenziswa AmaZulu, kugcina sekuba yinkinga kancane ngoba manje awusadlali kuphela kwiNedbank Cup nakwiPSL kodwa usudlala kwiChampions League, uyangiqonda? Kuba nzima kakhulu, udinga ezinto eziningi. Iqembu belidinga ukulekelelwa kodwa belingalutholi usizo olwanele. Eqenjini abekho baningi abasebenzi abanamava, abaziyo ukuthi uma ulungiselela imidlalo yeCAF wenza kanjani. Angifuni ukujula kulento kungaze kuthiwa sengimuncu,” kusho uBenni.
“Abanikazi baMaZulu bafike ngesihle (endimeni yebhola kuleli), bangabantu abalungile, abahloniphayo futhi bahlose ukwenza okuhle, kodwa angiboni ukuthi baphenyisisa izinto eziphathelene nokuba wumnikazi weqembu lebhola.
“Ufike uthenge iqembu konke kubukeke kukuhle kodwa unganaki ukuthi kuzobiza imali engakanani ukuligcina lisabenza, okubalwa kukho nezindleko zokuhambela izindawo. Kwaze kwadingeka ukuthi nami ngingenelele ngizame ukwehlisa izindleko ngokuthi ngimise amakhempu” kusho uBenni.
UBenni njengamanje use-England uvakashele iBrentford FC lapho ancela khona ulwazi olusha kwezokuqeqesha.