Umqeqeshi weReal Madrid uCarlo Ancelotti uthi ngeke kubasize ngalutho ukupaka ibhasi uma ezakhe sezibhekene neManchester City emdlalweni weChampions League namhlanje ebusuku.

IMan City yayisho ukuqeda ngeMadrid emlenzeni wokuqala wesemi-final phakathi kwabo, kodwa umdlalo wagcina uphele ngo 4-3 e-Etihad Stadium kunqoba iCity.

Kumdlalo wanamhlanje uzobe engekho umdlali wasemuva uDavid Alaba kodwa ukhuza ibuya uCasemiro. Abaningi basazibuza ukuthi iMadrid izosebenzisa baphi abadlali esiswini nokuthi izodlala yiphi isyestem ukumelana nengcwenga yebhola elidlalwa yiMan City. 

“Uma sizogcwalisa abadlali emuva, sifuqe abadlali abayishumi ebhokisini lethu, iCity izoshaya amashodi awu-99 abheke epalini lethu. Kwesinye isikhathi kumele uzibeke engozini ukuze uphumelele, sidlale kahle kakhulu kule sizini uma sizinikela ekuhlaseleni ngoba sinoju lwabadlali phambili,” kusho u-Ancelotti ngoLwesibili. 

“Kumele sidlale kangcono kunendlela esadlala ngayo emlenzeni wokuqala. Kumele sinyakaze kangcono, kumele sibe sezindaweni ezifanele zokumaka abadlali babambisane ngendlela efanele, ilapho ukubuya kukaCasemiro okuzobaluleka khona.” 

Khonamanjalo umqeqeshi weManchester City uPep Guardiola uthe ezakhe akuzifakeli uvalo ukuyodlala eBernabeu. Uthe bazobe bebhekene nelinye lamaqembu ahlonishwayo kulo mncintiswano ngakho kuzomele babe ngcono kunalo ukuze balishaye. 

Umdlalo ungo-9 ebusuku.