Muva nje omunye wabaqeqeshi beMamelodi Sundowns, uRulani Mokwena, uvikele ezakhe wakuchitha ukuthi iDStv Premiership yiiligi ethambile, phecelezi iFarmer’s League.
Kumasizini amabili edlule ngicabanga ukuthi baningi abalandeli bebhola kuleli abazibonela ukuthi maningi amathuba okuthi iSundowns iqoqe izicoco zeligi ngokulandelana, kwenzeka. Namanje ngicabanga ukuthi baningi abanomuzwa ofanayo, wokuthi iSundowns izoyiphinda futhi iligi nangesizini ezayo, nelandelayo, neyolandela leyo.
Isizathu esenza sifikelwe yilo mcabango wukuthi njengabathandi bebhola ibhola asilibuki ngokweseka iqembu elithile kuphela kodwa silibuka ngokuqhathanisa ukudlala kwawo wonke amaqembu, ikakhulukazi lawa amakhulu avame ukuvezwa kwithelevishini. Noma ngingayithandanga inkulumo kaMasibusane Zongo nonyaka egxeka ibhola esilibukiswa kwiPSL, wayeqinisile ngokuthi yiSundowns kuphela edlala ibhola elihle kuleli. Ngisho noMushin Ertugral washo okufanayo naye ezinyangeni ezidlule, eveza ukuthi linye iqembu okukhulunywa ngalo phesheya kwezilwandle uma kukhulunywa ngeNingizimu Afrika ebhola; Mamelodi Sundondowns.
Kumele ishayelwe ihlombe iDowns ngokushintsha izinto ebholeni lakuleli, nokuqinisa udumo lamaqembu avela kuleli kwiCAF Champions League. Indlela edlala ngayo ibhola inhle, kakhulu. Ubona ngokusobala istayela sebhola esidlalwa yiDowns futhi nabadlali abathengwayo iningi labo lingena khaxa, noma bekhona abanye abangaphumeleli ngenxa yesibalo sabadlali abasezingeni eliphezulu.
Nokho sesikubonile kaningi ukuthi impumelelo ekhaya engahambisani nomncintiswano oqinile kuba nomthelela omubi kwiChampions League. Njengamanje amaqembu amakhulu e-Europe esingabala kuwo iBayern, PSG (neJuventus uma ungawabali amasizini amabili edlule). Lawa maqembu eminyakeni edlule ayazenzela kwilig, noma iPSG ibhinjelwe zinhlelo ngesizini edlule, siyawazi amagalelo ayo kwiLigue 1 kumasizini edlule, izicoco ngezayo. Ayidingi nokuxoxwa eyeBayern. Kule sizini iqoqe isicoco seligi seshumi kulandelana.
Esesikufundile ngokomlando wukuthi amaqembu adlala kumaligi athambile, njengePSL, awenzi kahle kwiChampions League, ikakhulukazi uma sekuwumkhumula jezi. Ngesikhathi igcina ukunqoba i-UCL iBayern ngo-2013 kwakuqeqesha uJurgen Klopp kwiBorussia Dortmund, bebabangela ukushisa. Ngendlela eyayivuthwe ngayo iDortmund, yafinyelela kowamanqamu eChampions League lapho yashaywa khona yiBayern ngo 2-1.
IReal Madrid iqale ukuqoqa izicoco zeChampions League kulandela iminyaka ishubiselwa yiBarcelona ne-Atletico Madrid kwiligi. Njengamanje amaqembu ase-England yiwona eza kahle kwi-UCL ngenxa yokushisa kokuncintisana phakathi kwawo kwiligi. ILiverpool neMan City bahlukaniswe yiphuzu elilodwa kwiligi, womabili lawa maqembu afinyelele kuma semifinal eChampions League.
Akuwona umsebenzi weSundowns ukuqinisekisa ukuthi amaqembu agijima kwiPSL asezingenu layo. Nokho igebe phakathi kweDowns namanye amaqembu amakhulu agijima kwiDStv Premiership esingabala kuwo iKaizer Chiefs, Orlando Pirates, neSuperSport United likhulu kakhulu ngokwenkece.
ISundowns kuzomele ithole izindlela zokuhlale idlala ezingeni eliphezulu ukuze izokwazi ukuphinde idle isicoco seChampions League, ngeke isinuke isadlala namaqembu abuye ahluleke ukuhlanganisa ngishio ama-pass amahlanu elandelana ngaphandle kokulahla ibhola. Ngeke isinuke idlala namaqembu angakwazi ukubeka ibhola enethini, abadlali bayo basemuva bazoqina kanjani bebhekene nabadlali ababozayo njalo ngempelasonto naphakathi nesonto?
Mhlawumbe okunye okungayisiza ukuzijwayeza ukuvakashela amaqembu amakhulu, isalungiselela isizini, nangesikhathi isaqhubeka ukuze ijwayele ukudlala ezingeni eliphezulu, ingazumeki.
Okunye engakwenza mhlawumbe ingehlisa nasekusayiniseni abadlali engeke ibasebenzise ukuze sizokhula isibalo sabadlali abasezingeni abasayinela amaqembu ahlukene kwiDStv Premiership. Uma bonke abadlali abasezingeni eliphezulu bedlalela iqembu elilodwa, lizoncintasana kanjani namanye amaqembu adlala kuleyo ligi?
Nawo amaqembu eDStv Premiership kumele azame manje ukuthola abanye abaxhasi/osomabhizinisi abazokwazi ukutshala imali njengoba kwenza uPatrice Motsepe kwiSundowns. Ngaleyondlela ngeke kube yiqembu elilodwa elizogiya ngemali kodwa abe maningana ukuze kuzokhula izinga lebhola njengoba sibona kwenzeka kwiPremier League.