Sphamandla Gumede
Umqeqeshi waMaZulu uBenni McCarthy uthi amaphuzu amathathu yiwona abebaluke kakhulu emdlalweni weDSTV Premiership bebhekene neBlack Leopards eThohoyandou Stadium ngeSonto.
USiyethemba Sithebe ushaye igoli elinyuse AmaZulu, ayohlala endaweni yesithathu kwiligi. Ekhuluma nabeSupersport TV sekuphele umdlalo, uBenni uncome ukubekezela kweqembu.
“Ngijabule ngendlela esidlale ngayo, ikakhulukazi amaphuzu amathathu njengoba sibuya ekhefini leFIFA. Asikwazanga ukukhanda amathuba acacile kodwa yithi ebesinamathuba amaningi okushaya amagoli. Okuhle nje ukuthola amaphuzu amathathu emdlalweni,” kuchaza uBenni.
Usuthu seliqoqe amaphuzu angu-37 kwiligi, angena ngqo kwi-top 4, okuwumgomo owabekwa uMengameli weqembu uSandile Zungu ekuqaleni kwesizini.
UBenni uthe bekunzima ukunqoba lomdlalo njengoba iLeopards ibafake ngaphansi kwengcindezi esiwombeni sesibili.
“Sishaye igoli elihle, elakhiwe uMajoro, Memela, Mulenga noSithebe. Sibe sesibafakela ingcindezi, sadlala ngokuba uma ngoba neLeopards ibizowathola amathuba okusondela ebhokisini lethu. Bafake abadlali abaningi phambili kodwa sikwazile ukumelana nengcindezi,” kuchaza uBenni.
The former Cape Town City coach warned another tough away encounter awaits on Friday at the Daniel Craven Stadium against Stellenbosch FC who will be baying for blood and a desire to overturn the 2-1 result Usuthu inflicted on them in the first round.